1 KwabaseKhorinte 6:12-20

1 KwabaseKhorinte 6:12-20 ZUL20

Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusikho konke okusizayo. Konke kuvunyelwe kimi, kodwa mina anginakubuswa yilutho. Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi ozihlanganisa nesifebe uba mzimba munye naso na? Phela kulotshiwe ukuthi: “Labo bobabili bayakuba nyamanye.” Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo. Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba. Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 6:12-20