1 kwabaseKorinte 15:44-49

1 kwabaseKorinte 15:44-49 ZULUNT

Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo; kuvuswa kungumzimba womoya. Kukhona umzimba wemvelo, futhi kukhona umzimba womoya. Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha okokuqala akusikho okomoya kepha okwemvelo; ngasemuva lokho okomoya. Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini. Njengoba enjalo ongowenhlabathi, banjalo labo abangabenhlabathi; Futhi njengalokhu sinomfanekiso wowomhlaba, siyakuba nomfanekiso wowasezulwini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 15:44-49