1 KwabaseKhorinte 15:44-49

1 KwabaseKhorinte 15:44-49 ZUL20

Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini. Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 15:44-49

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo