1 kwabaseKorinte 15:44-49
1 kwabaseKorinte 15:44-49 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini. Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.
1 kwabaseKorinte 15:44-49 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo; kuvuswa kungumzimba womoya. Kukhona umzimba wemvelo, futhi kukhona umzimba womoya. Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha okokuqala akusikho okomoya kepha okwemvelo; ngasemuva lokho okomoya. Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini. Njengoba enjalo ongowenhlabathi, banjalo labo abangabenhlabathi; Futhi njengalokhu sinomfanekiso wowomhlaba, siyakuba nomfanekiso wowasezulwini.
1 kwabaseKorinte 15:44-49 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini. Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.
1 kwabaseKorinte 15:44-49 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)