UZakhariya 8:1-23

UZakhariya 8:1-23 ZUL20

Izwi likaSimakade Wamabandla lafika lathi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Impela nginesikhwele esikhulu ngeZiyoni, Nginesikhwele esivutha bhe ngalo.” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubuyela eZiyoni, ngihlale phakathi kwalo iJerusalema. IJerusalema liyakubizwa ngokuthi ‘uMuzi Othembekileyo’ nentaba kaSimakade Wamabandla ibizwe ngokuthi: ‘YiNtaba Engcwele.’ ” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kusazohlala amakhehla nezalukazi emigwaqweni eJerusalema, yilowo nalowo aphathe udondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe. Emigwaqweni yomuzi kuyakuphithizela amantombazane nabafana bedlala emingwaqweni yawo.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Niyabona-ke, ngiyakusindisa abantu bami empumalanga nasentshonalanga. Ngiyakubabuyisa bahlale kulo iJerusalema, babe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngokwethembeka nangokulunga.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qinisani izandla zenu, nina eniwezwayo kule mihla lawa mazwi akhulunywa ngabaphrofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaSimakade, ithempeli, ukuba lakhiwe. Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe. Kepha angiyukwenza kanjalo ensalini yalaba bantu njengasezinsukwini ezedlule,” kusho uSimakade Wamabandla. “Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo. Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.” Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Njengokuba ngangihlele ukunenzakalisa mhla okhokho benu bengithukuthelisile, angizisolanga ngalokho,” kusho uSimakade Wamabandla, “kanjalo-ke sengibuye ngahlela kulezi zinsuku ukulenzela okuhle iJerusalema nendlu yakwaJuda; ningasabi.” “Nakhu eniyakukwenza: khulumani iqiniso omunye komunye, kube nokwehlulela okuqotho nesinqumo esinokuthula emasangweni enu. Ningadlinzelani kube yilowo nalowo afune ukulimaza umakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zenkohliso, ngokuba konke lokho ngiyakuzonda,” kusho uSimakade Wamabandla. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kuyakufika izizwe nabahlala emizini eminingi, abakhelene bahambelane omunye nomunye, bathi: ‘Masihambe manje siyonxusa phambi kukaSimakade, simfune uSimakade Wamabandla; nami impela ngizohamba.’ Kuyakuza izindimbane zabantu nezizwe ezinamandla zizofuna uSimakade Wamabandla eJerusalema, zinxuse ebusweni bakhe.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo