UZakariya 8:1-23

UZakariya 8:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Izwi likaSimakade Wamabandla lafika lathi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Impela nginesikhwele esikhulu ngeZiyoni, Nginesikhwele esivutha bhe ngalo.” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubuyela eZiyoni, ngihlale phakathi kwalo iJerusalema. IJerusalema liyakubizwa ngokuthi ‘uMuzi Othembekileyo’ nentaba kaSimakade Wamabandla ibizwe ngokuthi: ‘YiNtaba Engcwele.’ ” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kusazohlala amakhehla nezalukazi emigwaqweni eJerusalema, yilowo nalowo aphathe udondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe. Emigwaqweni yomuzi kuyakuphithizela amantombazane nabafana bedlala emingwaqweni yawo.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Niyabona-ke, ngiyakusindisa abantu bami empumalanga nasentshonalanga. Ngiyakubabuyisa bahlale kulo iJerusalema, babe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngokwethembeka nangokulunga.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qinisani izandla zenu, nina eniwezwayo kule mihla lawa mazwi akhulunywa ngabaphrofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaSimakade, ithempeli, ukuba lakhiwe. Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe. Kepha angiyukwenza kanjalo ensalini yalaba bantu njengasezinsukwini ezedlule,” kusho uSimakade Wamabandla. “Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo. Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.” Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Njengokuba ngangihlele ukunenzakalisa mhla okhokho benu bengithukuthelisile, angizisolanga ngalokho,” kusho uSimakade Wamabandla, “kanjalo-ke sengibuye ngahlela kulezi zinsuku ukulenzela okuhle iJerusalema nendlu yakwaJuda; ningasabi.” “Nakhu eniyakukwenza: khulumani iqiniso omunye komunye, kube nokwehlulela okuqotho nesinqumo esinokuthula emasangweni enu. Ningadlinzelani kube yilowo nalowo afune ukulimaza umakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zenkohliso, ngokuba konke lokho ngiyakuzonda,” kusho uSimakade Wamabandla. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kuyakufika izizwe nabahlala emizini eminingi, abakhelene bahambelane omunye nomunye, bathi: ‘Masihambe manje siyonxusa phambi kukaSimakade, simfune uSimakade Wamabandla; nami impela ngizohamba.’ Kuyakuza izindimbane zabantu nezizwe ezinamandla zizofuna uSimakade Wamabandla eJerusalema, zinxuse ebusweni bakhe.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”

UZakariya 8:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Izwi likaJehova Sebawoti lafika lathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.” Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakuhlala amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, yilowo nalowo abe nodondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe. Izitaladi zasemzini ziyakugcwala abafana namantombazana bedlala ezitaladini zawo.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku, kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na?” usho uJehova Sebawoti. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga, ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe. Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo. Kepha angisayikuba njalo kuyo insali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala,” usho uJehova Sebawoti. “Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto. Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa-Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.” Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini, lapho oyihlo babengithukuthelisa,” usho uJehova Sebawoti, “ngingazisolanga, kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi. Yilezi zinto eniyakuzenza: khulumani iqiniso, kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu, ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga, ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo,” usho uJehova. Izwi likaJehova Sebawoti lafika kimi, lathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi, bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: ‘Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova Sebawoti; nami ngiyakuhamba.’ Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”

UZakariya 8:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Izwi likaJehova Sebawoti labuye lafika kimi, lathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Nganginomona ngeSiyoni ngokushisekela okukhulu, ngaba nomhawu ngalo ngokufutheka okukhulu. Usho kanje uJehova; Ngibuyele eSiyoni, ngiyohlala phakathi kweJerusalema, neJerusalema liyakuthiwa umuzi weqiniso; nentaba kaJehova Sebawoti, intaba engcwele. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusayakuba khona amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, kube yilowo nalowo nodondolo lwakhe esandleni sakhe iminyaka eminingi. Izitaladi zomuzi ziyakugcwala abafana namantombazane bedlala ezitaladini zawo. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezi zinsuku, kuyakumangalisa nasemehlweni ami na? usho uJehova Sebawoti. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakubakhulula abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga; Ngiyakubaletha, bahlale phakathi kweJerusalema; futhi bayoba abantu bami, futhi ngiyoba nguNkulunkulu wabo ngokwethembeka nangobulungisa. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa lawa mazwi ngalezi zinsuku ngomlomo wabaprofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli lalingakhiwa. Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu noma inkokhelo yezilwane; nophumayo nongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yosizi; ngokuba ngibamise bonke, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe. Kepha manje angisayikuba ngowensali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala,” usho uJehova Sebawoti. Ngoba inzalo izaphumelela; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlaba uthele ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo; ngiyakwenza ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto. Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘Njengokuba ngacabanga ukunijezisa lapho oyihlo bangisulunga, usho uJehova Sebawoti, kepha angizisolanga. Ngakho nami ngacabanga ngalezo zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu kaJuda okuhle; Ungesabi. Yilezi izinto okufanele nizenze; Yilowo nalowo ukhuluma iqiniso kumakhelwane wakhe; yenzani isahlulelo seqiniso nokuthula emasangweni enu; Makungabikho kini ocabanga okubi enhliziyweni yakhe ngomakhelwane wakhe; ningathandi isifungo samanga, ngokuba zonke lezi yizinto engizizondayo,” usho uJehova. Izwi likaJehova Sebawoti lafika kimi, lathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila ukudla kwenyanga yesine, nokuzila ukudla kweyesihlanu, nokuzila ukudla kweyesikhombisa, nokuzila ukudla kweyeshumi kuyakuba ngukuthokoza nokujabula nemikhosi yokujabula endlini yakwaJuda; ngakho-ke kufanele uthande iqiniso nokuthula. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Nokho kuyakufika abantu nabakhileyo emizini eminingi; Abakhileyo komunye umuzi bayakuya komunye, bathi: ‘Masihambe masinyane siyokhuleka phambi kukaJehova, simfune uJehova Sebawoti. Ngizohamba nami. Yebo, izizwe eziningi nezizwe ezinamandla ziyakuza ukumfuna uJehova Sebawoti eJerusalema, zikhuleke phambi kukaJehova. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku kuyakuthi amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, abambe isivikelo somJuda, athi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unawe.