KwabaseRoma 8:6-11

KwabaseRoma 8:6-11 ZUL20

Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela, ngokuba abasabuswa yimvelo abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.