KwabaseRoma 8:6-11
KwabaseRoma 8:6-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela, ngokuba abasabuswa yimvelo abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
KwabaseRoma 8:6-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki. Ngakho abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.
KwabaseRoma 8:6-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KwabaseRoma 8:6-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze; abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.