KwabaseRoma 8:24-28

KwabaseRoma 8:24-28 ZUL20

Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi. Kepha Yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba unxusela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.