KwabaseRoma 8:24-28
KwabaseRoma 8:24-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi. Kepha Yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba unxusela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.
KwabaseRoma 8:24-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
KwabaseRoma 8:24-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba sisindiswa ngethemba, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa. Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.
KwabaseRoma 8:24-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)