KwabaseRoma 6:19-23

KwabaseRoma 6:19-23 ZUL20

Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa. Ngokuba ngesikhathi niseyizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 6:19-23

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo