KwabaseRoma 6:19-23
KwabaseRoma 6:19-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele. Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile ekulungeni. Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 6:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa. Ngokuba ngesikhathi niseyizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 6:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa. Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa. Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 6:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)