Kwabase Roma 6

6
KwabaseRoma 6
1Pho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa?
2Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na?
3Anazi yini ukuthi thina sonke esabhapathizelwa kuKristu uJesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
4Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
5Ngoba uba sihlanyelwe kanye naye ekufananeni kokufa kwakhe, sizakuba njalo ekufananeni kokuvuka kwakhe;
6sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono;
7Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni.
8Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye;
9sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe.
10Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono;
11Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.
12Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo.
13futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
14Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.
15Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli.
16Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga?
17Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo.
18Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.
19Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele.
20Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile ekulungeni.
21Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa.
22Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
23Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 6: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo