Kwabase Roma 7

7
KwabaseRoma 7
1Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?
2Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
3Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda.
4Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.
5Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo.
6Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.
7Ngakho siyakuthini? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu akakuvumeli. Cha, bengingasazi isono, kodwa ngomthetho;
8Kodwa isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi yonke inkanuko. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.
9Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle komthetho;
10lomlayo owawungowokuphila ngawuthola ungowokufa.
11Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.
12Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? UNkulunkulu akakuvumeli. Kepha isono, ukuze sibonakale siyisono, sisebenza ukufa kimi ngalokho okuhle; ukuze isono ngomyalo sibe yisono kakhulu.
14Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.
15Ngokuba lokho engikwenzayo angikwazi; ngokuba engikuthandayo, lokho angikwenzi; kodwa engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
16Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngivumelana nomthetho ukuthi muhle.
17Ngakho-ke akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
18Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
19Ngokuba okuhle engikuthandayo, angikwenzi, kepha okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.
20Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
21Ngakho ngithola umthetho wokuthi, nxa ngithanda ukwenza okuhle, okubi kukhona kimi.
22Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;
23Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwa lomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24O mina muntu wosizi! ngubani ozangikhulula kulomzimba walokhu kufa?
25Ngiyambonga uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo; kodwa ngenyama umthetho wesono.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 7: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo