KwabaseRoma 6:1-23

KwabaseRoma 6:1-23 ZUL20

Sizakuthini na? Siqhubeke sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na? Kanti anazi yini ukuthi sonke esabhabhidiselwa kuKhristu uJesu, sabhabhadiselwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganiswe naye ngokufa okufanayo, siyakuba njalo nangokuvuka. Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe. Kodwa uma safa kanye noKhristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila kanye naye, sazi ukuthi uKhristu esevusiwe kwabafileyo, akasayukufa, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa afa ngakho, wakufa kwaba kanye kuphela ngenxa yesono; kodwa ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo, futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo, nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga. Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa. Ngokuba ngesikhathi niseyizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 6:1-23