KwabaseRoma 6:1-23

KwabaseRoma 6:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na? Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu. Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo; futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa. Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga. Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa. Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa. Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Pho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa? Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na? Anazi yini ukuthi thina sonke esabhapathizelwa kuKristu uJesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngoba uba sihlanyelwe kanye naye ekufananeni kokufa kwakhe, sizakuba njalo ekufananeni kokuvuka kwakhe; sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono; Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye; sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono; Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga. Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele. Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile ekulungeni. Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Pho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa? Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na? Anazi yini ukuthi thina sonke esabhapathizelwa kuKristu uJesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngoba uba sihlanyelwe kanye naye ekufananeni kokufa kwakhe, sizakuba njalo ekufananeni kokuvuka kwakhe; sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono; Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye; sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono; Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo. futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga. Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga. Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele. Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile ekulungeni. Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Sizakuthini na? Siqhubeke sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na? Kanti anazi yini ukuthi sonke esabhabhidiselwa kuKhristu uJesu, sabhabhadiselwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganiswe naye ngokufa okufanayo, siyakuba njalo nangokuvuka. Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe. Kodwa uma safa kanye noKhristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila kanye naye, sazi ukuthi uKhristu esevusiwe kwabafileyo, akasayukufa, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa afa ngakho, wakufa kwaba kanye kuphela ngenxa yesono; kodwa ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu. Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo, futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa. Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo, nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga. Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokhu nanikela izitho zenu ukuba zibe yizinceku zamanyala, nokungalungi kwaba ngukungalungi; kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga, kube ngukungcweliswa. Ngokuba ngesikhathi niseyizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Naninasithelo sini ngaleso sikhathi eseninamahloni ngaso manje, ngokuba isiphetho salokho ngukufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.