KwabaseRoma 5:12-21

KwabaseRoma 5:12-21 ZUL20

Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile. Ngokuba isono sasikhona emhlabeni, kwaze kwafika umthetho; kodwa isono asibalelwa lapho kungekho khona umthetho. Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, nakulabo abangonanga ngesiphambeko esifanayo nesika-Adamu oyisifanekiso salowo ozayo. Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko, ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye kwafa abaningi; ikakhulu kwanda kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu, ngomusa wamuntu munye, uJesu Khristu. Isipho asinjengakho ukona kwamuntu munye, ngokuba uma ukwehlulela kwaba ngoyedwa, kube ngukulahlwa, isipho somusa sona saba ngeziphambeko eziningi, kube ngukulungisiswa. Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, kusobala-ke ukuthi abemukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga, bayakubusa ekuphileni ngalowo oyedwa zwi, uJesu Khristu. Ngakho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye, kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga, kwaba khona ukulungisiswa kokuphila kubantu bonke. Ngokuba ngokungalaleli kwamuntu munye, abaningi benziwa izoni; kanjalo ngokulalela kwamuntu munye, abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele, ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 5:12-21

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo