KwabaseRoma 5

5
Izithelo Zokulunga
1 Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, 2 okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu. 3 Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa nangezinhlupheko, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela, 4 ukubekezela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba. 5 Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.
6Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo, 7ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho. 8Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.
9 Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. 10 Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana. 11 Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.
Isono Nokufa Kwafika Ngo-Adamu
12 Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile. 13 Ngokuba isono sasikhona emhlabeni, kwaze kwafika umthetho; kodwa isono asibalelwa lapho kungekho khona umthetho. 14Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, nakulabo abangonanga ngesiphambeko esifanayo nesika-Adamu oyisifanekiso salowo ozayo.
Ukulunga Nokuphila Kwafika NgoJesu
15 Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko, ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye kwafa abaningi; ikakhulu kwanda kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu, ngomusa wamuntu munye, uJesu Khristu. 16Isipho asinjengakho ukona kwamuntu munye, ngokuba uma ukwehlulela kwaba ngoyedwa, kube ngukulahlwa, isipho somusa sona saba ngeziphambeko eziningi, kube ngukulungisiswa. 17Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, kusobala-ke ukuthi abemukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga, bayakubusa ekuphileni ngalowo oyedwa zwi, uJesu Khristu.
18 Ngakho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye, kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga, kwaba khona ukulungisiswa kokuphila kubantu bonke. 19 Ngokuba ngokungalaleli kwamuntu munye, abaningi benziwa izoni; kanjalo ngokulalela kwamuntu munye, abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
20 Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele, 21ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo