KwabaseRoma 3:2-26

KwabaseRoma 3:2-26 ZUL20

Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu. Kungani pho abanye bengakholwanga na? Ukungakholwa kwabo akukwenzanga ukwethembeka kukaNkulunkulu ize na? Ngabe kunjalo na? Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.” Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, pho siyakuthini na? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu kalungile ngokuba ethululele ulaka lwakhe phezu kwethu na? Ngikhuluma njengomuntu. Makungabi njalo neze, ngokuba uma kunjalo, uNkulunkulu angawehlulela kanjani umhlaba na? Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu livama ngenxa yamanga ami, kube yinkazimulo kuye, pho ngisahlulelelwani mina njengesoni na? Kungani kungashiwo njengokuba abanye bekhuluma kabi ngathi, bethi: masenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukwehlulelwa kwabo kubafanele. Singabuye sithini na? Sibadlula ngani na? Ngalutho, ngokuba sesivele sahlulele ukuthi bonke abaJuda namaGriki baphansi kwamandla esono, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akekho olungileyo, akekho noyedwa; akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduka into engenamsebenzi walutho; akekho namunye owenza okuhle, akukho noyedwa vo. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele iziqalekiso nobuthi; izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, abayazi indlela yokuthula. Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu. Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono. Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.