KwabaseRoma 3:2-26

KwabaseRoma 3:2-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu. Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na? Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.” Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu. Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na? Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na? Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele. Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba; izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, indlela yokuthula abayazi. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.

KwabaseRoma 3:2-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kuningi ngezindlela zonke; okokuqala, ngokuba baphathiswa amazwi kaNkulunkulu kubo. Ngokuba kuthiwani uma abanye bengakholwanga? Ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholwa kukaNkulunkulu na? Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho. Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.) Makube njalo, ngokuba uma kunjalo uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe na? Ngokuba uma iqiniso likaNkulunkulu lavama kakhulu ngamanga ami kube yinkazimulo yakhe; ngisagwetshelwani mina njengesoni na? Njalo kungabi njengalokhu sihletshwa, lanjengoba abanye bathi sithi: Asenze okubi, ukuze kuvele okuhle? ukulahlwa kwabo kungukulunga. Pho? thina singcono kunabo na? Qha, nakanye; ngokuba sesiwabonisile ngaphambili amaJuda nabezizwe ukuthi bonke baphansi kwesono; njengokulotshiweyo ukuthi: Kakho olungileyo, hatshi loyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu. Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo; abamlomo wabo ugcwele ukuqalekisa nokubaba; Izinyawo zabo ziyashesha ukuchitha igazi; Ukubhujiswa nosizi kusezindleleni zabo; Nendlela yokuthula abayazanga; Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo. Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi; Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko; Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; belungisiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu; ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu; ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe kulesi sikhathi, ukuze abe ngolungileyo, amlungisise okholwa nguJesu.

KwabaseRoma 3:2-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu. Kungani pho abanye bengakholwanga na? Ukungakholwa kwabo akukwenzanga ukwethembeka kukaNkulunkulu ize na? Ngabe kunjalo na? Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.” Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, pho siyakuthini na? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu kalungile ngokuba ethululele ulaka lwakhe phezu kwethu na? Ngikhuluma njengomuntu. Makungabi njalo neze, ngokuba uma kunjalo, uNkulunkulu angawehlulela kanjani umhlaba na? Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu livama ngenxa yamanga ami, kube yinkazimulo kuye, pho ngisahlulelelwani mina njengesoni na? Kungani kungashiwo njengokuba abanye bekhuluma kabi ngathi, bethi: masenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukwehlulelwa kwabo kubafanele. Singabuye sithini na? Sibadlula ngani na? Ngalutho, ngokuba sesivele sahlulele ukuthi bonke abaJuda namaGriki baphansi kwamandla esono, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akekho olungileyo, akekho noyedwa; akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduka into engenamsebenzi walutho; akekho namunye owenza okuhle, akukho noyedwa vo. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele iziqalekiso nobuthi; izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, abayazi indlela yokuthula. Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu. Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono. Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.

KwabaseRoma 3:2-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)