KwabaseRoma 16:25-27

KwabaseRoma 16:25-27 ZUL20

Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade. Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa. Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.