KwabaseRoma 14:5-6

KwabaseRoma 14:5-6 ZUL20

Omunye uqhakambisa olunye usuku kunolunye, omunye azithathe ngokufana zonke izinsuku; makube yilowo nalowo aqiniseke emqondweni wakhe ngakucabangayo. Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.