Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva. Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, esesibili sifana nethole, esesithathu sinobuso obunjengobomuntu, nesesine sinjengokhozi olundizayo. Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”
Funda ISambulo 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ISambulo 4:6-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo