IsAmbulo 4:6-8
IsAmbulo 4:6-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva. Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, esesibili sifana nethole, esesithathu sinobuso obunjengobomuntu, nesesine sinjengokhozi olundizayo. Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”
IsAmbulo 4:6-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
nangaphambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengolwandle lwengilazi lufana nekristalu,* nangaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva. Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, nesidalwa sesibili sasifana nethole, nesidalwa sesithathu sasinobuso obunjengobomuntu, nesidalwa sesine sasifana nokhozi olundizayo. Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”
IsAmbulo 4:6-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona ulwandle lwengilazi lufana nekristalu, naphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine ezigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva. Isilo esiphilayo sokuqala sasifana nengonyama, nesilo sesibili sasifana nethole, nesidalwa esiphilayo sesithathu sasinobuso obunjengobomuntu, nesidalwa sesine sasifana nokhozi olundizayo. Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.
IsAmbulo 4:6-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)