Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi, afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.” Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Owesifazane wayembethe okubukhwebezane nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe amahle namapharele, ephethe indebe yegolide esandleni sakhe; yayigcwele amanyala nokungcola kobufebe bakhe, ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA. Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu. Ingelosi yayisithi kimi: “Yini umangele na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane nesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.
Funda ISambulo 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ISambulo 17:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo