IsAmbulo 17:1-7
IsAmbulo 17:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi kimi: “Woza lapha; Ngiyakukukhombisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi; amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo. Yangiyisa ehlane ngikuMoya; ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. Owesifazane wayevunule okububende nokubomvu, ehlotshiswe ngegolide namatshe anenani namaparele, enendebe yegolide esandleni sakhe, igcwele amanyala nokungcola kokuphinga kwakhe; Ebunzini lakhe kwakulotshwe igama eliyimfihlakalo, iBhabhiloni ENKULU, UNINA WEZIFEBE NOWAZINYANYAYO ZOMHLABA. Ngabona owesifazane edakwe yigazi labangcwele, negazi labafakazi bakaJesu; Yathi kimi ingelosi: “Umangala ngani na? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane, neyesilo esimthwele, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
IsAmbulo 17:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi, afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.” Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Owesifazane wayembethe okubukhwebezane nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe amahle namapharele, ephethe indebe yegolide esandleni sakhe; yayigcwele amanyala nokungcola kobufebe bakhe, ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA. Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu. Ingelosi yayisithi kimi: “Yini umangele na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane nesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.
IsAmbulo 17:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi, afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.” Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe, nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu. Yayisithi kimi ingelosi: “Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
IsAmbulo 17:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)