ISambulo 1:12-18

ISambulo 1:12-18 ZUL20

Ngaphenduka ukuba ngibone leli lizwi elalikhuma nami. Sengiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa. Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni. Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, nanjengeqhwa, amehlo akhe enjengamalangabi omlilo. Izinyawo zakhe zazifana nethusi elikhazimula sengathi lisesithandweni somlilo, izwi lakhe linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi. Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha. Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina, nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.