Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla, uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.” Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni, uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange. Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini, nobhubhane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini bebade. Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena. Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa. Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho. Okubi akuyukukwehlela, nesifo asiyukusondela ethendeni lakho.
Funda AMahubo 91
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 91:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo