AMahubo 78:40-72

AMahubo 78:40-72 ZUL20

Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule! Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Kabazange bawakhumbule amandla akhe, nosuku abahlenga ngalo ezitheni, ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani. Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo. Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo. Ukudla kwabo wakunika imiswenya, nomsebenzi wabo, isikhonyane. Imivini yabo wayibulala ngesichotho, nemikhiwane yabo, ngesangquma. Izinkomo zabo wazinikela esichothweni nezimvu nezimbuzi zabo, emibanini. Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela, akawuphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu. Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane. Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo. Wabayisa emngceleni wakhe ongcwele entabeni eyayizungezwe yisandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo. Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe. Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli. Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe. Amandla akhe wawanikela ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe, esandleni sesitha. Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela. Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo. Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila. INkosi yayisivuka kwasengathi ibikade ilele njengeqhawe elehlulwe yiwayini. Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade. Yayilahla indlu kaJosefa, ayaze yasikhetha isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo. Indlu yayo engcwele yayakha njengezintaba, nanjengomhlaba ewusekele kuze kube phakade. Yakhetha uDavide, inceku yayo, yamthatha ezibayeni zezimvu. Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo, yamthatha ukuba eluse abantu bayo, uJakobe nefa layo, u-Israyeli. Wabelusa ngenhliziyo eqotho. Wabahola ngesandla esinekhono.