AmaHubo 78:40-72

AmaHubo 78:40-72 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi. Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni, lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi, ukuze bangabi nakuphuza. Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo namasele ababhubhisayo. Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane. Wabulala imivini yabo ngesichotho, nemikhiwane yabo ngesangquma. Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi. Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe. Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli. Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha. Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga. Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila. Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini, yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade. Yalahla indlu kaJosefa, ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo. Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade. Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu. Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli. Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

AmaHubo 78:40-72 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bamgcona kaningi ogwadule, bemenza lusizi ogwadule! Yebo, baphenduka futhi bamlinga uNkulunkulu, futhi bamvimbela oNgcwele ka-Israyeli. Abazange bacabange ngesandla sakhe loba usuku abakhulula ngalo esitheni. Ukuthi wazenza kanjani izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe ensimini yaseSowani. Baphendula imifula yabo yaba yigazi; nemifudlana yabo, ukuze bangabi nakuphuza. Wathuma kubo izibawu ngezinhlobonhlobo, zabadla; namaxoxo ababhubhisayo. Futhi umkhiqizo wabo wawunika amacimbi nomsebenzi wabo entendeni. Wachitha izivini zabo ngesichotho, nemisikhamori yabo ngongqoqwane. Wanikela izinkomo zabo esichothweni, nemihlambi yabo emibaneni eshisayo. Waphonsa phezu kwabo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nosizi, ngokuthuma izingelosi ezimbi phakathi kwabo. Wenza indlela yolaka lwakhe; Akawuyekanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo esibethweni; Wanqoba wonke amazibulo eGibithe; inhloko yamandla abo ematendeni kaHamu; Kodwa abantu bakhe wabahola njengezimvu, wabahola njengomhlambi enkangala. Wabahola kahle, ukuba bangesabi, kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Wabayisa emkhawulweni wendlu yakhe engcwele, kule ntaba esasiyithengile isandla sakhe sokunene. Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo. Kodwa bamlinga, bamklolodela uNkulunkulu oPhezukonke, abagcinanga ubufakazi bakhe. Kodwa baphenduka benza ubumenemene njengoyise; baphambukile njengomnsalo okhohlisayo. Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wazonda u-Israyeli. Walishiya itabernakele laseShilo, itende ayelimise phakathi kwabantu; Wanikela amandla akhe ekuthunjweni nenkazimulo yakhe esandleni sesitha. Wabanikela abantu bakhe enkembeni; wathukuthelela ifa lakhe. Umlilo waqeda izinsizwa zabo; namadodakazi abo abendiswanga. Abapristi babo bawa ngenkemba; nabafelokazi babo abazange bakhononde. Khona-ke uJehova wavuka njengomuntu oleleyo nanjengeqhawe elimemeza ngenxa yewayini. Wanqoba izitha zakhe ngemuva; wababangela usizi oluphakade. Ngaphezu kwalokho, wala itabernakele likaJosefa, akasikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha wakhetha isizwe sakwaJuda, iNtaba yaseSiyoni ayithandayo. Yakha indlu yayo engcwele njengezigodlo eziphakemeyo, njengomhlaba awumisayo kuze kube phakade. Yakhetha futhi inceku yayo uDavide, yamthatha ezibayeni zezimvu. Wamthatha emva kwezimvukazi ezinkulu ukuze avumele uJakobe ukuba adle abantu bakhe no-Israyeli ifa lakhe. Futhi wabondla ngobuqotho benhliziyo yakhe; wabahola ngobuhlakani bezandla zakhe.

AmaHubo 78:40-72 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule! Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Kabazange bawakhumbule amandla akhe, nosuku abahlenga ngalo ezitheni, ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani. Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo. Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo. Ukudla kwabo wakunika imiswenya, nomsebenzi wabo, isikhonyane. Imivini yabo wayibulala ngesichotho, nemikhiwane yabo, ngesangquma. Izinkomo zabo wazinikela esichothweni nezimvu nezimbuzi zabo, emibanini. Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela, akawuphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu. Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane. Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo. Wabayisa emngceleni wakhe ongcwele entabeni eyayizungezwe yisandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo. Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe. Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli. Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe. Amandla akhe wawanikela ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe, esandleni sesitha. Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela. Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo. Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila. INkosi yayisivuka kwasengathi ibikade ilele njengeqhawe elehlulwe yiwayini. Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade. Yayilahla indlu kaJosefa, ayaze yasikhetha isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo. Indlu yayo engcwele yayakha njengezintaba, nanjengomhlaba ewusekele kuze kube phakade. Yakhetha uDavide, inceku yayo, yamthatha ezibayeni zezimvu. Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo, yamthatha ukuba eluse abantu bayo, uJakobe nefa layo, u-Israyeli. Wabelusa ngenhliziyo eqotho. Wabahola ngesandla esinekhono.