AmaHubo 78:40-72

AmaHubo 78:40-72 ZUL59

Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi. Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni, lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi, ukuze bangabi nakuphuza. Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo namasele ababhubhisayo. Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane. Wabulala imivini yabo ngesichotho, nemikhiwane yabo ngesangquma. Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi. Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe. Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli. Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha. Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga. Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila. Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini, yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade. Yalahla indlu kaJosefa, ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo. Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade. Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu. Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli. Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.