AMahubo 77:16-20

AMahubo 77:16-20 ZUL20

Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama. Laduma izulu, amafu adedela imvula, imicibisholo yakho yathi chithi saka. Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama. Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga. Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 77:16-20