AmaHubo 77:16-20

AmaHubo 77:16-20 ZUL59

Amanzi akubona, Nkulunkulu, amanzi akubona, athuthumela, nezintwa zazamazama. Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma. Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama. Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa. Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 77:16-20