Simakade, Nkulunkulu wami,
ngiyaphephela kuwe;
ngisindise, ungikhulule
kubo bonke abangixoshayo,
funa bangidwengule njengengonyama,
bangidweshule kungekho ongikhululayo.
Simakade, Nkulunkulu wami,
uma ngikwenzile lokho,
uma kukhona ukungalungi ezandleni zami,
uma ngiphindise ngokubi
kohlalisene ngokuthula nami,
ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu,
isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice.
Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami,
sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela
Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho.
Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami,
zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela
ngenxa yami!
Umhlangano wabezizwe mawukubunganyele,
ubuyele phezulu ngaphezu kwazo.
Sengathi Simakade ungehlulela izizwe!
Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami
nangobuqotho bami.
Makuphele ukonakala kwababi,
kodwa simamisa abalungileyo,
wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso,
Nkulunkulu olungileyo.
Nkulunkulu, uyisihlangu sami,
ungumsindisi woqotho enhliziyweni.
UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo,
noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke.
Uma umuntu engaphenduki,
uyolola inkemba yakhe,
uwukhokhile umnsalo wakhe,
wama ngomumo,
umlungisele izikhali zokufa;
uyenza imicibisholo yakhe ivuthe umlilo.
Sinemihelo ngobubi;
sikhulelwe ububi,
sizala amanga.
Umba umgodi, usewumbile;
ukhalakathela emgodini abewumbile.
Ububi bubuyela ekhanda lakhe,
ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.
Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele
ukulunga kwakhe,
ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.