AMahubo 68:24-27

AMahubo 68:24-27 ZUL20

Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide iya endlini engcwele, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami. Phambili kuhamba abahlabeleli, emuva abashaya ugubhu, phakathi yizintombi ezishaya izigubhu. Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu; Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli. Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.