AMahubo 68:21-35

AMahubo 68:21-35 ZUL20

Kepha uNkulunkulu uzophohloza amakhanda ezitha zakhe, ukhakhayi lwalowo onesihluthu ohamba ezindleleni zokona kwakhe. INkosi yathi: “Ngizobabuyisa bevela eBhashani, ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle, ukuze ugeze izinyawo zakho egazini, nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.” Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide iya endlini engcwele, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami. Phambili kuhamba abahlabeleli, emuva abashaya ugubhu, phakathi yizintombi ezishaya izigubhu. Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu; Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli. Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi ayokulethela izipho. Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa. Izikhulu ziyakuvela eGibhithe, amaKhushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu. Nina mibuso yomhlaba, mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla. Nikani uNkulunkulu amandla, ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli, amandla akhe asemafini. Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.