AmaHubo 68:21-35

AmaHubo 68:21-35 ZUL59

Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe, ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe. INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani, ngibabuyise ekujuleni kolwandle ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini, ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.” Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami, ziya endlini engcwele. Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu. Bongani uNkulunkulu emihlanganweni; bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli. Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho. Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa. Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu. Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, Sela* yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla. Nikani uNkulunkulu amandla; ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli; amandla akhe asemafwini. Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo