AmaHubo 68:21-35

AmaHubo 68:21-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha uNkulunkulu uzophohloza amakhanda ezitha zakhe, ukhakhayi lwalowo onesihluthu ohamba ezindleleni zokona kwakhe. INkosi yathi: “Ngizobabuyisa bevela eBhashani, ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle, ukuze ugeze izinyawo zakho egazini, nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.” Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide iya endlini engcwele, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami. Phambili kuhamba abahlabeleli, emuva abashaya ugubhu, phakathi yizintombi ezishaya izigubhu. Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu; Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli. Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi ayokulethela izipho. Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa. Izikhulu ziyakuvela eGibhithe, amaKhushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu. Nina mibuso yomhlaba, mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla. Nikani uNkulunkulu amandla, ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli, amandla akhe asemafini. Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.

AmaHubo 68:21-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe, ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe. INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani, ngibabuyise ekujuleni kolwandle ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini, ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.” Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami, ziya endlini engcwele. Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu. Bongani uNkulunkulu emihlanganweni; bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli. Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho. Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa. Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu. Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, Sela* yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla. Nikani uNkulunkulu amandla; ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli; amandla akhe asemafwini. Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.

AmaHubo 68:21-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kodwa uNkulunkulu uyochoboza ikhanda lezitha zakhe nokhakhayi olunoboya lwalowo osaqhubeka ezonweni zakhe. INkosi yathi: Ngizababuyisa eBashani, ngibuyise abantu bami ekujuleni kolwandle. Ukuze unyawo lwakho lucwiliswe egazini lezitha zakho lolimi lwezinja zakho kulo. Bazibonile izindlela zakho, O Nkulunkulu; ukuhamba kukaNkulunkulu wami, iNkosi yami, endlini engcwele. Abahlabeleli bangaphambili, nabashaya izinsimbi ngemuva; phakathi kwabo kwakukhona amantombazane adlala izigubhu. Dumisani uNkulunkulu emabandleni, iNkosi, emthonjeni ka-Israyeli. Kukhona uBenjamini omncane kanye nabaholi babo, izikhulu zakwaJuda nomkhandlu wabo, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali. UNkulunkulu wakho ukuphile amandla; qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi azakulethela izipho. Niyakujezisa uquqaba lwabakhandi, ubuningi bezinkunzi, namathole abantu, kuze kube yilowo nalowo azithobe enezinhlamvu zesiliva; zihlakaze abantu abathanda ukulwa. Izikhulu ziyakuphuma eGibithe; ITopiya izokwelulela ngokushesha izandla zayo kuNkulunkulu. Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, nina mibuso yomhlaba! Hlabelelani inkazimulo kaJehova; I-Cella: Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla. Mnikeni uNkulunkulu amandla; ukuphakama kwakhe kuphezu kuka-Israyeli, namandla akhe asemafwini. O Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguye onika abantu bakhe amandla namandla. Ubusisiwe uNkulunkulu.