Mphefumulo wami, thula, ulindele
uNkulunkulu kuphela,
ngokuba insindiso yami ivela kuye.
NguYena kuphela oyidwala lami
nensindiso yami;
inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.
Kuyoze kube nini, nisukela umuntu
ukuba nimbulale nonke,
njengodonga olutshekile
nothango oludilikayo na?
Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo.
Bathokozela amanga,
bayabusisa ngemilomo yabo,
kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela
Mphefumulo wami, thula,
ulindele uNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye.
NguYena kuphela oyidwala lami,
nensindiso yami, nenqaba yami;
angiyukunyakaziswa.
Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu,
idwala lami eliqinileyo,
isiphephelo sami sikuNkulunkulu.
Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke,
inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe,
uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
Abantukazana bangumoya nje,
nezikhulu zingamabunga,
uma bekalwa isilinganiso siyenyuka,
kodwa bonke balula kunomoya.
Maningathembeli ekuqhwageni,
ningazigabisi ngokuphangiweyo.
Uma imfuyo yanda,
ningayibeki inhliziyo kuyo.
UNkulunkulu ukhulume kanye,
ngakuzwa kabili lokho:
amandla angakaNkulunkulu,
nobubele bungobakho, Nkosi.
Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.