UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona. EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile. UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla. Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba, ukuba ahlulele isizwe sakhe: “Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela “Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo. Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho, ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.
Funda AMahubo 50
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 50:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo