AmaHubo 50:1-10

AmaHubo 50:1-10 ZUL59

UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo. ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni. UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu. Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe: “Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela* “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho; iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo. Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo