AmaHubo 50:1-10
AmaHubo 50:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona. EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile. UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla. Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba, ukuba ahlulele isizwe sakhe: “Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela “Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo. Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho, ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.
AmaHubo 50:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo. ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni. UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu. Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe: “Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela* “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho; iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo. Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.
AmaHubo 50:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo lika-Asafa. UNkulunkulu onamandla, uJehova, wakhuluma, wabiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo. EZiyoni, ubuhle obuphelele, uNkulunkulu wakhanya. UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke. Uzabiza amazulu phezulu kanye lomhlaba ukuthi ahlulele abantu bakhe. Buthelani kimi abangcwele bami; labo abenza isivumelwano Nami ngemihlatshelo. Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela. Yizwani bantu bami, ngiyakukhuluma; O Israyeli, futhi ngizofakaza ngokumelene nawe: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. Kangiyikukusola ngenxa yeminikelo yakho yokutshiswa leminikelo yakho yokutshiswa eyayiphambi kwami njalo. Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho, nezimbuzi ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyinkulungwane.