Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle,
ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi,
ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.
Wena umuhle kunabo bonke abantu,
umusa uthululelwe ezindebeni zakho.
Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile
kuze kube phakade.
Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe,
ngodumo nobukhosi bakho.
Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba,
ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga;
isandla sakho sokunene
masikufundise izenzo ezimangalisayo.
Imicibisholo yakho icijile,
ingena enhliziyweni yezitha zenkosi,
izizwe ziwa phansi kwakho.
Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi
simi kuze kube phakade.
Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.
Uthanda ukulunga, uzonde ububi.
Yingakho uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo
ngaphezulu kwabangani bakho.
Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure
nenhlaba nekhasiya.
Imiqangala evela ezigodlweni
zophondo lwendlovu iyakwethabisa.
Amadodakazi amakhosi
aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo,
indlovukazi imi
ngakwesokunene sakho, ihlobe ngegolide lase-Ofiri.
Lalela-ke, ndodakazi,
qaphela, ubeke indlebe yakho,
ukhohlwe ngabantu bakini
nangendlu kayihlo,
khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho,
ngokuba yona
iyinkosi yakho, uboyikhothamela.
Indodakazi yaseThire nabantu abacebileyo
bancenga umusa wakho ngesipho.
Indodakazi yenkosi yinhle kakhulu
ilapho phakathi;
ingubo yayo ifekethiswe ngegolide.
Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo,
ikhashwa yizintombi ezingabangani bayo,
zilethwa kuwe.
Ngenjabulo nangentokozo,
bayazihola njengoba zingena esigodlweni senkosi.
Amadodana akho ayohlala esikhundleni sawoyihlomkhulu,
uwabeke abe yizikhulu emhlabeni wonke.
Igama lakho ngizolenza likhunjulwe
yizizukulwane ngezizukulwane,
ngakho-ke izizwe ziyokubonga
kuze kube phakade.