Ngithe:
“Ngizoqaphela izindlela zami,
ukuze ngingoni ngolimi lwami;
umlomo wami ngizowufaka isimfonyo,
inkani nje uma kunababi
phambi kwami.”
Bengizithulele, ngingasho lutho,
ukuthula akungisizanga,
inhlupheko yaya ngokuya ikhula.
Inhliziyo yami yabila ngaphakathi,
kwaphembeka umlilo ngisazindla,
ngakuphumisela ngolimi lwami.
“Simakade, ngazise isiphetho sami,
nokuthi zingakanani izinsuku zami;
mangazi ukuthi ngingodlulayo.
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba
ngangobubanzi besandla,
imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe,
impela yilowo nalowo muntu
ungumoya nje,
noma eqine kangakanani. Sela
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje,
impela uzikhathaza ngokuyize nje;
unqwabela imfuyo,
kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na?
Ithemba lami likuwe.
Ngihlenge kuzo zonke izinhlupheko engikuzo.
Ungangenzi inhlekisa yesiwula.
Ngithule, angiwuvuli umlomo wami,
ngokuba nguwe okwenzile lokho.
Susa inhlupheko ongehlisele yona,
ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe,
lokho okuligugu kuye,
ukudla njengobuvunya, kuphele nya,
wonke umuntu ungumoya nje. Sela
“Simakade, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekunxuseni kwami,
izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula.
Ngokuba kuwe ngingumfokazi,
isihambi, njengokhokho bami.
Yeka ukungigqolozela,
ukuze ngibuye ngimamatheke,
ngaphambi kokuba ngemuke,
ngingabe ngisaba khona.”