AmaHubo 39:1-13
AmaHubo 39:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.” Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula. Inhliziyo yami yabila ngaphakathi, kwaphembeka umlilo ngisazindla, ngakuphumisela ngolimi lwami. “Simakade, ngazise isiphetho sami, nokuthi zingakanani izinsuku zami; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha. “Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe. Ngihlenge kuzo zonke izinhlupheko engikuzo. Ungangenzi inhlekisa yesiwula. Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho. Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela. Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela “Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami. Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
AmaHubo 39:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, kuze kufike kuJeduthuni, ihubo likaDavide. Ngathi: “Ngiyakuqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; Ngizolinda umlomo wami ngetomu lapho omubi ephambi kwami. Ngaba yisimungulu ngokuthula, ngathula, yebo kwabalungileyo; nosizi lwami lwanyakaza. Inhliziyo yami yafudumala phakathi kwami, lapho ngicabanga umlilo ovuthayo; ngase ngikhuluma ngolimi lwami. Jehova, ngazise ukuphela kwami nesilinganiso sezinsuku zami ukuthi ziyini; ukuze ngazi ukuthi ngibuthakathaka kangakanani. Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela. Ngempela, wonke umuntu uhamba ngomlayezo oyize; impela bahlukunyezwa ngeze; ubutha ingcebo, akazi ukuthi ngubani oyibuthelayo. Manje, Nkosi, ngilindeleni na? ithemba lami likuwe. Ngisindise kuzo zonke iziphambeko zami; ungangenzi ihlazo leziwula. Ngangiyisimungulu, angivulanga umlomo wami; ngoba ukwenzile. Susa kimi ukushaywa kwakho; ngiyaqedwa ngokushaya kwesandla sakho. Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela. Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba. Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.
AmaHubo 39:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.” Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami. Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami. “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela* “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha. “Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe. Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula. Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo. Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho. Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela* “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”