AMahubo 38:1-4

AMahubo 38:1-4 ZUL20

Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho, ungangishayi ngentukuthelo yakho. Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima. Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima.