AMahubo 31:9-15

AMahubo 31:9-15 ZUL20

Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela. Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala. Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo