AmaHubo 31:9-15

AmaHubo 31:9-15 ZUL59

Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi, nomphefumulo wami nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela. Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo