AMahubo 26:1-6

AMahubo 26:1-6 ZUL20

Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza. Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami. Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho. Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu. Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali. Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade