AMahubo 25:14-21

AMahubo 25:14-21 ZUL20

USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe. Amehlo ami ahlala ethe njo kuSimakade, ngokuba nguye okhulula izinyawo zami ogibeni. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi, ngokuba ngiyinhlwa, futhi ngiyahlushwa. Ngikhulule ezinsizini ezisenhliziyweni yami, ungikhiphe ezinhluphekweni engikuzo. Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami. Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani. Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule, ungavumi ngithelwe ngehlazo, ngokuba mina ngiphephela kuwe. Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 25:14-21